Verse 1: ElikaDavide. Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
Verse 2: Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
Verse 3: Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho.
Verse 4: Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.
Verse 5: Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi.
Verse 6: Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
Verse 7: ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa, ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
Verse 8: Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.
Verse 9: Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi
Verse 10: abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.
Verse 11: Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.
Verse 12: Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.