Psalms - Chapter 18

Verse 1: Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi: Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.

Verse 2: Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

Verse 3: Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

Verse 4: Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa.

Verse 5: Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

Verse 6: Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

Verse 7: Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

Verse 8: Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

Verse 9: Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

Verse 10: Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; washweza ngamaphiko omoya.

Verse 11: Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima.

Verse 12: Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo.

Verse 13: UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.

Verse 14: Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.

Verse 15: Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.

Verse 16: Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

Verse 17: Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

Verse 18: Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

Verse 19: Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

Verse 20: UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

Verse 21: Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

Verse 22: Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

Verse 23: Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.

Verse 24: UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

Verse 25: Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

Verse 26: kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

Verse 27: Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

Verse 28: Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

Verse 29: Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

Verse 30: Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

Verse 31: Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

Verse 32: uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge;

Verse 33: owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;

Verse 34: ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

Verse 35: Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.

Verse 36: Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.

Verse 37: Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.

Verse 38: Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.

Verse 39: Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

Verse 40: Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.

Verse 41: Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

Verse 42: Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.

Verse 43: Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

Verse 44: Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami.

Verse 45: Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.

Verse 46: UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

Verse 47: uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

Verse 48: ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

Verse 49: Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.

Verse 50: Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66 67 68 69 70 71 72 73 74 75 76 77 78 79 80 81 82 83 84 85 86 87 88 89 90 91 92 93 94 95 96 97 98 99 100 101 102 103 104 105 106 107 108 109 110 111 112 113 114 115 116 117 118 119 120 121 122 123 124 125 126 127 128 129 130 131 132 133 134 135 136 137 138 139 140 141 142 143 144 145 146 147 148 149 150
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories