Verse 1: Igama lokukhuphuka. Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.
Verse 2: Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.
Verse 3: Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.
Verse 4: Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo.
Verse 5: Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.