Verse 1: Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
Verse 2: Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
Verse 3: Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova.
Verse 4: Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.
Verse 5: Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,
Verse 6: nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
Verse 7: Yena unguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
Verse 8: Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
Verse 9: avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;
Verse 10: wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho, naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,
Verse 11: ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,”
Verse 12: lapho babe yingcosana ngomumo, yebo, lapho babe yingcosana, futhi babe yizihambi kulo.
Verse 13: Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.
Verse 14: Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
Verse 15: ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”
Verse 16: Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa.
Verse 17: Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila.
Verse 18: Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi.
Verse 19: Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola.
Verse 20: Inkosi yathuma yamthukulula, umbusi wabantu wamkhulula.
Verse 21: Wamenza umphathi wendlu yakhe nenduna yezinto zakhe zonke,
Verse 22: ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
Verse 23: U-Israyeli wayesefika eGibithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
Verse 24: Wandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza babe namandla kunezitha zabo.
Verse 25: Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe, baphathe izinceku zakhe ngobuqili.
Verse 26: Wathuma uMose inceku yakhe, u-Aroni abemkhethile.
Verse 27: Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe nezimangaliso ezweni likaHamu.
Verse 28: Wathuma ubumnyama, wenza kwaba mnyama, kepha baphambana namazwi akhe.
Verse 29: Waphendula amanzi abo aba yigazi; wabhubhisa izinhlanzi zabo.
Verse 30: Izwe labo lagcwala amasele nasezindlini zamakhosi abo.
Verse 31: Wakhuluma, kwavela izibawu nezinsensane eminceleni yabo yonke.
Verse 32: Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.
Verse 33: Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo; waphula imithi yasezweni labo.
Verse 34: Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.
Verse 35: Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo, zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.
Verse 36: Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.
Verse 37: Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.
Verse 38: IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.
Verse 39: Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku.
Verse 40: Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
Verse 41: Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza emahlane njengomfula.
Verse 42: Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.
Verse 43: Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula, abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.
Verse 44: Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu
Verse 45: ukuba baqaphele izimiso zakhe, bagcine imithetho yakhe. Haleluya!