Verse 1: Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.
Verse 2: Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Verse 3: Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.
Verse 4: Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha.
Verse 5: Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.